Whites, Indians urged to participate in HIV survey

The audio is in isiZulu. See the English summary below.

MABUTHO: Umongameli we Human Sciences Research Council, uDr Olive Shisana, uthi kubalulekile ukuthi zonke izinhlanga zakuleli zizibandakanye nokucwaningwa kwezibalo zabantu abaphila negciwane le HIV kuleli. UDr Shisana ubekhuluma ngesikhathi kugcotshwa ngokusemthethweni ucwaningo olukhulukazi okuhloswe ngalo ukuthola izibalo zabantu abaphila negciwane le HIV kuleli kanye nokuqagula izibalo zabantu abangase baphathwe ileligciwane, ukusiza ukuthi kutholakale izindlela zokulwisana naleligciwane kuleli. UShisana uthi inhlangano yakhe ikhathazekile ngokungathandisisi kwabamhlophe namaNdiya ukubamba iqhaza ekucwaningweni kwezibalo zabaphila negciwane le HIV kuleli.

Dr OLIVE SHISANA: Si encounter ama problems because some of the Indians abafuni ukuparticipatha, for religious reasons… Abelungu nabo abavumeli ukuvula umnyango ukuba inesi ingene ikhulume nabo. Even if bakhuluma nabo abafuni ukunika iblood ukwenza iHIV (test). So, siyacela ukuthi abelungu nabo nama Indians abaparticipate.

MABUTHO: UDr Shisana uthi isizathu sokuthi abamhlophe kanye namandiya bangafuni ukubamba iqhaza ukuthi abamhlophe banokucabanga ukuthi lesisifo ngesabantu abamnyama kuphela.

Dr OLIVE SHISANA: Abelungu and some of the Indians bathi ‘€˜no, thina asikho kwi risk ye HIV. IHIV ayisiyona eyethu. So, thina it’€™s not necessary ukuthi siparticipate’€™. And I think it is a wrong thing because siwarisheka ukuthi iHIV ingaspread kule group. Kungaziwa ukuthi ikhona. Because ayizange imeasuriwe.

MABUTHO: Lolucwaningo, osekungolwesithathu ukwenziwa iHuman Sciences Research Council luzokwenziwa kubantu abangu 28 000 kwimindeni engu 15000 exube izinhlanga esiqokiwe kulolonke elakuleli. Bonke labo abazobamba iqhaza kulolucwaningo angeke baphoqwe futhi angeke adalulwe amagama abo uma ngabe sebethathwa igazi uma sekwenziwa ucwaningo kubona. Lokho kusho ukuthi akekho ozokwazi nge status sabo. Labo abangaphansi kweminyaka engu 18 kuyodinga baqale bathole imvume kubazali babo ngaphambi kokuba babambe iqhaza kulolucwaningo. UDr Shisana uthi kubalulekile ukuthi bonke abantu babambe iqhaza kulolucwaningo ukuze uhulumeni ezokwazi ukuthola izindlela zokulwisana negciwane le HIV.

Dr OLIVE SHISANA: Sifuna’€¦ every South African who is approached to participate in the survey, so that we can be able to get reliable statistics that can be able to help our government to plan interventions.

MABUTHO: Khonamanjalo uHlubi Mboya odlala indawo ka Nandipha ophila negciwane le HIV emdlalweni Isidingo ku SABC 3 ubengomunye wosaziwayo ababambe iqhaza kulolucwaningo. Uthi uzizwa ejabule kakhulu ukuthi abambe iqhaza kulolucwaningo ngoba isifiso sakhe ukubona iSouth Africa engenalo igciwane le HIV.

HLUBI MBOYA: It was a fantastic moment in my life because I am really kick starting a very important initiative’€¦. which is basically trying to find out the prevalence of HIV and AIDS in South Africa so that policy makers can make plans of’€¦ how to deal with it’€¦ And in future ndifuna ukubona iSouth Africa with no HIV, with no AIDS. We can be a better nation.

MABUTHO: Lolucwaningo  kulindeleke ukuba imiphumela yalo ikhishwe ngasekupheleni kwalonyaka. Kanti imiphumela yokugcina yocwaningo olwenziwe iHSRC nolwenziwe ngo 2005 lubonise ukuthi bangu 4.8 million abantu abaphila negciwane le HIV kuleli. Kanti abanye balabo okwatholakala ukuthi banegciwane kulolucwaningo luka 2005 babengazazi ukuthi banalo futhi bengazithathi njengabantu abasengozini yokuthi bangase balithole.

The English summary.

Whites, Indians urged to participate in HIV survey

The Human Sciences Research Council (HSRC) has urged whites and Indians to take part in the third South African National HIV, Behavior and Health Survey, which is now underway. This follows past observations that the two racial groups do not want to participate in HIV surveys.

‘€œWe have some problems because some of the Indians do not want to participate, for religious reasons. And the whites also do not want to participate. So, we are requesting them to take part in this survey,’€ said Dr Olive Shisana, HSRC Chief Executive Officer.

Dr Shisana says she is worried about the attitude towards HIV by some whites in the previous HIV surveys.

‘€œThey would say ‘€˜we are not at risk of acquiring HIV. So, it’€™s not necessary for us to participate’€™. And I think it is wrong because HIV might spread to this group without it being noticed. Because it has not been measured,’€ she said.

The current HIV survey, which kicked off last week, is meant to reach 28 000 people in 15 000 randomly selected households across the country in the next five months.

Participation is voluntary and all participants will remain completely anonymous. Those below the age of 18 years will need their parents’€™ consent before taking part in the survey.

‘€œWe want every South African who is approached to participate in the survey, so that we can be able to get reliable statistics that can be able to help our government to plan interventions,’€ Shisana added.

Hlubi Mboya, who plays HIV-positive Nandipha in the SABC soapie, Isidingo, is one of the local celebrities who took part in the survey.

‘€œIt was a fantastic moment in my life because I am really kick-starting a very important initiative… which is basically trying to find out the prevalence of HIV and AIDS in South Africa, so that policy makers can make plans of’€¦ how to deal with it’€, she said, adding that she ‘€œwants to see an AIDS free South Africa’€.

The results of the survey are expected to be released later this year. There are 4.8 million people who are living with HIV in South Africa according to the last households survey done by the HSRC in 2005. The survey further found that among those living with the virus, half of them were not aware of their HIV status and  also did not regard themselves at risk of HIV infection.

Author

  • Health-e News

    Health-e News is South Africa's dedicated health news service and home to OurHealth citizen journalism. Follow us on Twitter @HealtheNews

Free to Share

Creative Commons License

Republish our articles for free, online or in print, under a Creative Commons license.


Related

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Stay in the loop

We love that you love visiting our site. Our content is free, but to continue reading, please register.

Newsletter Subscription